UMZUKULU KAMHLANGANYELWA
Sekubheduke inkulumompikiswano ezinkundleni zokuxhumana njengoba abantu baseNingizimu Afrika bethi sebeyidalule imfihlo ngomuntu ozibiza ngoPrince Ingoba Makhosi.
Ingoba Makhosi yaduma ngesikhathi semibhikisho yangoNdasa, lapho ayeziveza khona njengenkosana yesizwe sakwaNtombela eyayifihlwe iminyaka.
Wabuye wamemezela ukuthi useyinkosi entsha yalesi sizwe, okwadala umsindo omkhulu ezweni.
Kodwa umndeni wasebukhosini bakwaNtombela washeshe waziphika lezi zinsolo.
AbakwaNtombela bakugcizelele ukuthi iNkosi yakwaNtombela isaphila futhi isahlezi esihlalweni sobukhosi, bethi akukho shintsho kobuholi besizwe.
Manje sekukhona abantu ezinkundleni zokuxhumana abathi umuntu ozibiza ngoPrince Ingoba Makhosi empeleni nguSifiso, okuthiwa wakhulela e-Osizweni, eNewcastle, futhi wake wazama ukungena emculweni kodwa wangaphumelela.
Omunye ubhale wathi:
“Bathi igama lakhe uSifiso ukhule eyi local artist yase Newcastle Osizweni. Bathi akaze awine neyodwa indondo naku local competition. Mina ngizwe ngomfana engisebenza naye uthi eyaseSwatini akayazi selokhu bakhula.”
Omunye uphinde wamxwayisa ngokuthi angase abhekane nemiphumela uma eqhubeka nokusebenzisa igama likaBayede.
“Uzohlawuliswa wena unye nyi sutotoswa ngoBayede manje usudlule ekudeleleni abakwaNtombela. Mhlabakugweba yophuma yophuza iStella.”
Abantu abaningi bathi bajabule ngokuthi abakwaNtombela baziphikile lezi zimangalo, bethi ukuzibiza ngenkosi ngaphandle kokuqinisekiswa kudicilela phansi ubukhosi bakwaNtombela futhi kwehlisa isithunzi seSilo uMisuzulu kaZwelithini.
Ngesikhathi kushicilelwa le ndaba, uPrince Ingoba Makhosi ubengakaphenduli obala ngezinsolo zakamuva ezisabalele ezinkundleni zokuxhumana.



















Leave a Reply