UMZUKULU KAMHLANGANYELWA
Ubaba ka-rapper ongasekho u-AKA, uTony Forbes, usezwakalise intukuthelo yakhe ngaphambi kokukhonjiswa kwedokhumentari entsha yeNews24 ekhuluma ngokushona okubuhlungu kuka-Anele Tembe.
Le dokhumentari, ezokhonjiswa namuhla ebusuku, kulindeleke ukuthi iveze amavidiyo angakaze abonwe emphakathini aqoshwa ngaphambi kokushona kuka-Anele ngo-2021.
Ukumenyezelwa kwalolu hlelo sekuqubule inkulumompikiswano eshubile ezinkundleni zokuxhumana. Abanye bakholelwa ukuthi lungase luveze amaqiniso amasha noma lunikeze ukuqonda okwengeziwe ngezimo ezaholela ekufeni kwakhe.
Kodwa abanye bathi ukukhishwa kwalezi zithombe kuyabuhlungu, akunabuntu futhi akuhloniphi umndeni ka-Anele, njengoba kungase kuvuse amanxeba amadala kubathintekayo.
UTony Forbes uveze ngokusobala ukuthi akajabule ngalokhu kukhishwa kwedokhumentari, okwenze lolu daba lwaphinde lwaba sematheni eminyakeni emihlanu ngemuva kokushona kuka-Anele.
Kulindeleke ukuthi le dokhumentari ibheke kabusha ubudlelwano buka-Anele no-AKA, izehlakalo ezandulela ukushona kwakhe kanye nophenyo olwalandela.




















Leave a Reply