UMZUKULU KAMHLANGANYELWA
Umculi kamasikandi ozibiza ngeNkosi kaMaskandi, uMthandeni Manqele, ususe umsindo ezinkundleni zokuxhumana ngemuva kokudalula iqhawe lakhe emculweni wokholo.
UManqele ufake isithombe somculi wokholo u-Ayanda Ntanzi(osesithombeni), wasiphelezela ngamazwi athi: “Nali iqhawe lami kwezokholo.”
Lo mbhalo usudale impi yamazwi, kwathi abalandeli bakaManqele bahlala phezu kukaJumbo, bethi iqhawe langempela emculweni wokholo akusilo yena, kodwa nguNtanzi.
Abanye baze bafuna kube noshintsho olukhulu emcimbini kaJanuary, bethi uJumbo akakhishwe endaweni yakhe, kufakwe u-Ayanda Ntanzi esikhundleni sakhe.
Kodwa akugcinanga lapho. Abanye abasebenzisi bezinkundla zokuxhumana basole uMthandeni ngokuthi uzama ukulingisa uKhuzani Mpungose.
Baphawule ngokuthi njengoba uKhuzani aziwa ngobungani bakhe noJumbo, uMthandeni naye usefuna ukuba nomculi wokholo azohlotshaniswa naye, nokuyilapho bebona sengathi usekhethe u-Ayanda Ntanzi. Le mibono ivele njengemibono yabalandeli ezinkundleni zokuxhumana.
UNtanzi usengomunye wabaculi abakhulunywa kakhulu emculweni wokholo.
Udumo lwakhe luqhubekile nokukhuphuka njengoba ezilungiselela i-One Man Show yakhe enkulu eDurban ICC, lapho kulindeleke ukuthi izinkulungwane zabalandeli zigcwale kulendawo ukuzombona ecula yedwa.
Lo mcimbi uthathwa njengophawu lokukhula kwakhe nokuzakhela igama njengomunye wabaholi abasha bomculo wokholo.
UNtanzi uphinde wazakhela igama ngesikhathi ephumela obala ukweseka umkhankaso iMarch and March, okuyinto eyamenza wathandwa kakhulu ngabanye, kwathi abanye bayigxeka.




















Leave a Reply