UMSAKAZO NEWS NETWORK

Sizikhipha Zishisa!

Advertisement

UKHAZA UDINWA EYOKUBHUKHWA KUKA MTHANDENI

UMZUKULU KAMHLANGANYELWA

Kusuke inkulumompikiswano ezinkundleni zokuxhumana ngemuva kokuba umculi kaMaskandi uKhaza eveze ukungagculiseki kwakhe ngendlela abahleli bemicimbi abaqhubeka ngayo nokufuna ukubhukha uMthandeni SK, yize lo mculi evamise ukusho ukuthi usebhukhe ngokugcwele.

Lolu daba luqale ukushisa ngemuva kokuba uKhaza efake umlayezo ezinkundleni zokuxhumana lapho ebonakale ebeka umbuzo wokuthi kungani abahleli bemicimbi beqhubeka nokufuna uMthandeni ngesikhathi kunabanye abaculi abaningi abatholakalayo futhi abalungele ukusebenza.

UKhaza ukhala ngokuthi abahleli bemicimbi bahlale befuna ukubhukha uMthandeni, nakuba lo mculi osezuze imiklomelo eminingi evamise ukumemezela ukuthi izinsuku zakhe sezigcwele.

Le nkulumo idonse ukunaka kwabalandeli nabanye abaculi. UMthandeni SK uphendule ngamafuphi wathi:

“Ngempela aningiphumuze.”

Lokhu kube sekuvulela abanye ithuba lokuveza imibono yabo ngalolu daba.

Abanye abasebenzisi bezinkundla zokuxhumana bavumelane noKhaza, bethi sekuyisikhathi sokuthi abahleli bemicimbi banike namanye amaciko amathuba okuziveza kunokugxila kubaculi abafanayo njalo.

Kodwa-ke, kukhona nabathi abahleli bemicimbi banegunya lokukhetha abaculi abakwazi ukuheha izethameli nokuthengisa amathikithi.

Omunye ubhale wathi:

“Akekho umuntu ongathenga ithikithi eyobuka uKhaza nje umane uyakhala nje naye uyakwazi lokho.”

Nokho, abanye bamvikele uKhaza, bethi udaba alukhulumi ngokuduma komculi kodwa lukhuluma ngokwabelana ngamathuba embonini yomculo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *