UMSAKAZO NEWS NETWORK

Sizikhipha Zishisa!

Advertisement

UMCULI USEDALULE UKUTHI INDODA IBIMFEBELA NGOCINGO LAMFOWABO

UMZUKULU KAMHLANGANYELWA

Umculi wodumo kanye nosaziwayo kuTikTok uNonny Muji, ushiye abaningi bemangele ngemuva kokumemezela ukuthi yena nomyeni wakhe sebehlukene kulandela izinsolo zokungathembeki emshadweni wabo.

Ebhala ezinkundleni zokuxhumana, uNonny udalule ukuthi yena nomyeni wakhe babenokwethembana okukhulu kangangokuthi babenawo amaphasiwedi, i-Face ID kanye nokufinyelela kumaselula omunye nomunye.

Nokho, uthi akazange athole lutho olukhombisa ukungathembeki kumakhalekhukhwini womyeni wakhe.

“Besinawo amaphasiwedi omunye nomunye, i-Face ID nakho konke. Angikaze ngithole lutho kumakhalekhukhwini wakhe. Kanti ubesebenzisa umakhalekhukhwini womfowabo ukukopela,” kubhala yena.

UNonny uphinde waveza ukuthi wake wabuyela ekhaya engashongo, wafike wathola amakhondomu okumenze wasola ukuthi kukhona okungahambi kahle.

Uthi ngesikhathi embuza ngalokho, umyeni wakhe wavele waphendula ukuthanda kwakhe, kwagcina ngokuthi bavumelane ngokuhlukana ngaphandle kokuxabana.

Kodwa indaba ayigcinanga lapho.

UNonny uthi ngemuva kokuvumelana ngokwehlukana, wabona ukuthi usamthanda umyeni wakhe futhi wazama ukubuyisana naye. Nokho, ngesikhathi efika lapho ayehlala khona, uthi wamfica ehlezi etafuleni exoxa nenye intokazi.

Lo mculi uvumile ukuthi imizwa yamhlula kwaze kwaba khona ukungqubuzana, bashayana.

“Angiziqhenyi ngalokho, kodwa ngahluleka ukuzibamba. Ngamshaya, ngamuklwebha, kwagcina sekunodlame phakathi kwethu,” kubhala yena.

UNonny uphinde waveza ukuthi intokazi okusolwa ukuthi ibandakanyekile kulolu daba iphinde yabelana ngevidiyo enomsindo odumile kuTikTok, okunamazwi abonakala esho ukuthi “isinqandamathe sesiphenduke inkosikazi.”

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *