UMZUKULU KAMHLANGANYELWA
Omunye wabaholi benhlangano i-March and March, uPhakela Umthakathi, usephumele obala ephikisa imibiko ethi kunokungezwani phakathi kwabaholi bezinhlangano zomphakathi abahola umkhankaso wokuthi abantu bokufika abangekho ngokusemthethweni bahambe eNingizimu Afrika.
Ekhuluma enkundleni yokuxhumana, uPhakela uthe kunabantu abafisa ukubona yena nabanye abaholi bezinhlangano zomphakathi bexabana ngaphambi komhla ka-30 Juni 2026, okuwusuku olubekwe njengomnqamulajuqu wokuthi abantu bokufika abangekho emthethweni basuke kuleli.
“Okungosibhinca makhasana kufisa engathi kungabona kufika umhlaka 30 sesixabene singaholi abehlukahlukene bamacivic organisations. Cha mina nje kolwami uhlangothi angeqhatheki kalula futhi kangiyenzi into engingahambisani nayo. Angithengeki, angidayisani,” kusho yena.
UPhakela uphinde wagxeka lokho akubiza ngokuthi yimithombo yezindaba noma abantu abasabalalisa imininingwane engaqinisekisiwe ngenhloso yokudala ukungezwani phakathi kwabaholi.
Uthe kukhona abake bazama ukumthinta ngenhloso yokumenza akhulume kabi ngabanye abaholi asebenzisana nabo, kodwa wanqaba ukwenza lokho.
“Le mithombo yenu enikhuluma ngayo enuka amasimba ibothi uma ingifonela ingiqophe izwe ukuthi kuyenzeka yini ngikhulume kabi ngomholi engisebenza naye,” esho.




















Leave a Reply