UMZUKULU KAMHLANGANYELWA
Kuvuke amagqubu ezinkundleni zokuxhumana ngemuva kokuba omunye waseMzansi eveze ukuthi usazisola nanamuhla ngokuthenga umakhalekhukhwini wakwaMobicell ngenxa yokukhangiswa nguBabes Wodumo ngo-2017.
Lona ubhale amazwi asephenduke undabamlonyeni athi:
“Angikhohlwa ngo-2017 ngimosha imali yami ngithenga iMobicell ngenxa kaBabes Wodumo!”
Lawa mazwi ahlekise abaningi kodwa futhi avuse inkulumompikiswano, njengoba nabanye beqale ukwabelana ngezindaba zabo zokuthenga imikhiqizo ngenxa yokugqugquzelwa ngosaziwayo.
Ngesikhathi esedume kakhulu ngengoma yakhe ethi Wololo, uBabes Wodumo wayengomunye wabaculi ababenethonya elikhulu eNingizimu Afrika.
Ngenxa yokuduma kwakhe, izinkampani eziningi zazifuna ukusebenzisana naye, okuhlanganisa neMobicell.
Abalandeli abaningi babemethemba futhi bethenga imikhiqizo ayeyikhangisa. Kodwa eminyakeni ecishe ibe yishumi kamuva, lo waseMzansi uthi usazisola ngaleyo mali ayisebenzisa.
Abanye ezinkundleni zokuxhumana bahlekise ngalolu daba, bethi sekuyisikhathi sokuthi osaziwayo babuyisele abantu imali ngemikhiqizo ababeyithenge ngenxa yabo.
Kodwa abanye bavikele uBabes Wodumo, bethi wayenza umsebenzi wakhe njengonxusa lomkhiqizo futhi akanakubekwa icala ngezinto abantu ababhekana nazo ngemuva kokuthenga.




















Leave a Reply