UMSAKAZO NEWS NETWORK

Sizikhipha Zishisa!

Advertisement

USHIYE ABALANDELI BEMANGELE! UBRANDY UVEZE UKUBUKEKA OKUSHA NGAPHAMBI KOHAMBO LWAKHE LWASEMZANSI

UMZUKULU KAMHLANGANYELWA 

KUSHUBE umoya ngemuva kokuba isihlabani somculo we-R&B uBrandy siveze ukubukeka okusha okushiye abaningi bengakholwa amehlo abo.

Lo mculi osewine izindondo eziningi ushicilele izithombe zakhe zakamuva, kwathi kungakapheli sikhathi abantu baqala ukuphawula ngokushintsha okubukeka ebusweni nasemzimbeni wakhe.

Abanye bavumile ukuthi baqale bangamazi, kanti abaningi bamncome ngobuhle bakhe futhi bamgcwalisa ngemiyalezo yothando.

 Kube khona nabacele abantu ukuthi bayeke ukwahlulela, njengoba ukubukeka kwakhe okusha kungenzeka kuhlobene nezimo zempilo.

Le ngxoxo iza ngesikhathi abalandeli baseNingizimu Afrika bebala izinsuku ngaphambi kokufika kukaBrandy kuleli.

Kulindeleke ukuthi acule e Johannesburg, ePretoria naseCape Town, lapho ezobe ehambisana khona nezinye izihlabani ze-R&B okubalwa uBrian McKnight, iqembu i-SWV kanye ne-All-4-One.

UBrandy ungomunye wabaculi be-R&B abadume kakhulu emhlabeni. Eminyakeni yama-1990 waduma ngezingoma ezashisa izikhotha ezifana no I Wanna Be Down, Baby, Have You Ever? kanye no The Boy Is Mine awucula noMonica.

Njengoba sekusondela uhambo lwakhe lwaseNingizimu Afrika, ukubukeka kwakhe okusha sekuphenduke enye yezindaba ezinkulu kwezokungcebeleka, kanti abalandeli abaningi bathi abasakwazi ukulinda ukumbona ebukhoma.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *