UMZUKULU KAMHLANGANYELWA
Abahleli be-Tribute to Women Concert 2026 bazithole sebengaphansi kwengcindezi ezinkundleni zokuxhumana ngemuva kokumemezela ukuthi umculi odumile uzobe eyingxenye yabazonandisa kulo mcimbi.
Abahleli bathe bajabule kakhulu ngokuthi lo mculi osewine izindondo eziningi usekuqinisekisile ukuthi uzocula kulo mcimbi ozoba ngoMgqibelo, mhla zingama-29 kuNcwaba e, e-Emmarentia.
Kodwa-ke, lesi simemezelo asihambanga kahle kubantu abaningi ezinkundleni zokuxhumana.
Abanye bathe abakholwa ukuthi umculi owake wabhekana nezinsolo zokudlwengula angabekwa phambili emcimbini ohlonipha abantu besifazane.
Omunye ubhale wathi:
“‘Tribute to Women’ noSjava kuphosta eyodwa? La nyela.”
Omunye wengeze wathi:
“Tribute to Women? Sjava? Same poster? Hai bo!”
Kanti omunye ubuze wathi:
“Wasn’t this man accused of rape?”
Nokho, akubona bonke abagxekileyo. Abanye bavikele uSjava, bethi abantu kufanele bakhumbule ukuthi akazange atholakale enecala.
Omunye ubhale wathi:
“I love the irony of this post. False rape accused artist receives a gig at a women’s concert… Peak cinema.”
USjava ubelokhu ephika izinsolo ezake zabekwa kuye, kanti leli cala alizange ligcine ngokumtholisa icala enkantolo.
Njengoba impikiswano iqhubeka nokushisa ezinkundleni zokuxhumana, sekuzobonakala ukuthi abahleli bazophendula yini kulabo abathi ukumema uSjava emcimbini wokuhlonipha abantu besifazane kube yisinqumo esingafanele.










Leave a Reply