UMZUKULU KAMHLANGANYELWA
Umsakazi nomdidiyeli womculo odumile, uDJ Fresh, ushiye abaningi abathanda umsakazo bedidekile ngemuva kokudalula isizathu sangempela esiholele ekutheni ashiye i-938 FM, isiteshi somsakazo asisungula ngokubambisana no-Unathi Nkayi noGregg Maloka.
UDJ Fresh, osanda kumenyezelwa njengomsakazi omusha wohlelo lwasekuseni kuKaya 959 FM lapho ezovala khona isikhala esishiywe nguSizwe Dhlomo, uthe isizathu esikhulu sokushiya kwakhe i-938 FM ukuthi ubengasaholi.
Ekhuluma ngokukhululeka ngalolu daba, uFresh uthe ubesekhathele ukusebenza engaholi, wagcina esethatha isinqumo sokuhlala ekhaya kuze kube yilapho ekhokhelwa imali yakhe.
“Labo abangaziyo, uma ungangikhokheli inyanga eyodwa ngiyahamba. Kodwa kulokhu ngakuvumela kwaqhubeka isikhathi eside kwaze kwaba yilapho nginquma ukuhlala ekhaya kuze kube bayangikhokha. Yingakho ningazange ningizwe ngivalelisa. Sasingenzi uhlelo ngoba sasingakhokhelwa,” kusho uFresh.
Lo msakazi uthe okwamenza adumale kakhulu ukuthi kwakungesiye kuphela othintekile, kodwa kwakuhlanganisa neqembu lonke ayesebenza nalo.
Uthe yize yena ubenayo imali ayeyongile kanye neminye imisebenzi emlethela imali, kwakungafani namanye amalungu eqembu ayethembele emholweni wawo ukuze aphile futhi ondle imindeni yawo.
UFresh uthe akumjabulisanga ukubona abantu beqhubeka nokusebenza bengatholi amaholo abo, okuyinto ayibona njengengafanele.
Ukushiya kwakhe i-938 FM kuphawula ukuphela kwesahluko esibalulekile emlandweni walesi siteshi, esadonsa amehlo abaningi ngesikhathi sisungulwa ngenxa yamagama amakhulu embonini yomsakazo ayesihambisa.
UDJ Fresh kulindeleke ukuthi aqale ngokusemthethweni uhlelo lwakhe olusha lwasekuseni kuKaya 959 FM mhla lu-1 kuNtulikazi, lapho ezobe ethatha khona izintambo kuSizwe Dhlomo.












Leave a Reply