UMZUKULU KAMHLANGANYELWA
Umkhakha wezokusakaza usale udumele kulandela ukudlula emhlabeni kwengqalabutho yomsakazo nomethuli wezinhlelo owaziwayo, uMzwandile “Ed” Mangxaba, indoda eyashiya uphawu olukhulu emsakazweni futhi yafundisa izizukulwane eziningi ukuthanda nokuqonda umculo ngendlela ehlukile.
UMangxaba wazalelwa e Tsolo, eMpumalanga Kapa, futhi waduma ngezinhlelo zakhe ezazisakazwa ku Radio Transkei, okubalwa kuzo Ziphumaphi Inyosi – What’s On This Weekend kanye nohlelo lomculo weReggae olwaluthandwa ngabaningi.
Wayaziwa ngendlela yakhe ehlukile yokwethula izinhlelo, lapho ayengagcini ngokudlalela abalaleli umculo kuphela kodwa ebafundisa nangomlando wawo, izinsimbi zomculo kanye nabaculi abawudlalayo.
Wayevame ukuqhathanisa ubungcweti babadlali besiginci se-bass abadumile okubalwa kubo uSipho Gumede weSakhile, uSicelo Ndlela weSoul Brothers kanye noSpencer Mbadu owake wasebenza nomculi wejazz ongasekho emhlabeni, u-Abdullah Ibrahim.
Omunye wabalaleli bakhe besikhathi eside, uMalibongwe Ncai, ukhumbule indlela uMangxaba ayefundisa ngayo ngothando nangobuchule.
“Wayedlala ingoma bese eyimisa phakathi, acele abalaleli ukuthi balalele kahle insimbi ethile yomculo. Ngikhumbula ngosuku oluthile edlala umculo weMalombo Jazz Band kaPhilip Tabane, wasebuza ukuthi iyiphi insimbi eyayidlalwa.
Nguye owasethula kubaculi abafana noBoogaloo Joe Jones, Eric Gale noDizu Plaatjies. Wasifundisa nangomehluko phakathi kweziginci ze-bass ezinezintambo eziyisishiyagalombili, eziyisithupha neziyisine. Wasenza saqonda kangcono umculo wezinsimbi. Sifunde lukhulu kule ndoda.”
Abasebenze naye bamchaze njengomsakazi owayengafani nabanye, umholi wezindlela ezintsha, usomabhizinisi, intatheli nomethuli wezinhlelo owayezinikele ekwenzeni umsebenzi osezingeni eliphezulu ngaso sonke isikhathi.
Owayesebenza naye, uBra Mbu Ngewu, umkhumbule ngamazwi athinta inhliziyo:
“Phumla Bhedla, olwakho ugqatso ulufezile. Sisashaqekile ngokuhamba kwakho. Eminyakeni ayisebenza esiteshini, waba yizwi elihlonishwayo nelaziwa kakhulu. Wazuza ukwethenjwa nothando lwabalaleli ngenxa yokuzinikela kwakhe emsakazweni womphakathi. Wenze umsebenzi omuhle futhi wathembeka kwaze kwaba sekugcineni.”
Ngo-Agasti ka-1984, uMangxaba wajoyina iRadio Transkei lapho asebenza khona nabanye babasakazi abadume kakhulu ngaleso sikhathi, okubalwa kubo uSaba Mbixane, uTsidi Jokwana, uHector GramGram nabanye abaningi ababa negalelo elikhulu ekwakheni igama lalesi siteshi.
Ukudlula kwakhe emhlabeni kuphawula ukuphela kwesinye sezikhathi ezibalulekile emlandweni wezokusakaza eNingizimu Afrika. Ushiye ifa elikhulu lobungcweti, ubuholi kanye nothando olungapheli lomculo nomsakazo.
Kwangathi umphefumulo wakhe ungaqhubeka uphumule ngokuthula.
Umthombo: Senzo Msenge | Rise African Newspapers




















Leave a Reply