UMSAKAZO NEWS NETWORK

Sizikhipha Zishisa!

Advertisement

SEKUVUMBUKE ISITHOMBE SOMSAKAZI WOKHOZI FM OSHADILE “NENTOMBI”

UMZUKULU KAMHLANGANYELWA

Sekuvumbuke isithombe  esiveza umsakazi wohlelo lwantambama kuKhozi FM, uTshathugodo, egonene nowesifazane ochazwe njengentombi.

Lesi sithombe, esisabalale kakhulu ezinkundleni zokuxhumana, kubikwa ukuthi sathunyelwa ngokungaziwa kwi Blogger edumile uLady Londie siphelezelwa umlayezo othi: “Hi Londie, please hide me. Tshatha and his girlfriend for a year now.”

Esithombeni kubonakala uTshathugodo egone owesifazane njengoba bethatha i-selfie phambi kwesibuko, okudale ukuthi abaningi baqale ukuqagela ngobudlelwano babo.

Abasebenzisi bezinkundla zokuxhumana sebeqalile ukuzama ukuthola ukuthi ungubani lo wesifazane, kanti abanye basola ukuthi kungenzeka nguyena owathumela lesi sithombe kuLady Londie. Nokho, lezi zinsolo azikaqinisekiswa.

Lesi sithombe sidale imibono ehlukene ezinkundleni zokuxhumana. Abanye bamncome uTshathugodo, kanti abanye bazibuza ukuthi kungani lesi sithombe sivele emphakathini.

Ngesikhathi kushicilelwa le ndaba, Umsakazo News Network ubungakakwazi ukuqinisekisa ukuthi ungubani lo wesifazane ovela esithombeni noma ubuqiniso bezinsolo ezihambisana naso.

NoTshathugodo ubengakaphawuli esidlangalaleni ngesithombe esisabalele noma ngezinsolo zobudlelwano bakhe ngesikhathi kushicilelwa le ndaba.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *