IDRAMA kaLinda esikrinini isingathi isiphumele empilweni yangempela!
ULuyanda Zwane, umlingisi owaziwa ngendawo kaLinda ku-The Netflix Polygamist, usephakathi kwezinsolo ezishubile ezisabalele ezinkundleni zokuxhumana.
Ngokusho kwepost esisabalale ku-@sa.gossiplab.exclusive, uLuyanda kuthiwa unobudlelwano obuyimfihlo obunezinyanga ezibalelwa kweziyisishiyagalombili nosomabhizinisi oshadile.
Lezi yizinsolo ezingakaqinisekiswa ngabathintekayo.
Kuthiwa laba bobabili bebelokhu bechitha isikhathi ndawonye, okuhlanganisa nohambo oluya eCape Town lapho, ngokwalezi zinsolo, babonakale bejabulela impilo yezinga eliphezulu nezidlo ezindaweni zokudlela ezibizayo.
Okwenza le ndaba ishube kakhulu yizinsolo zokuthi losamabhizinisi ushadile nomunye ongusomabhizinisi owaziwa ezinkundleni zokuxhumana.
Ngokwezinsolo ezisabalele, ubudlelwano balobosomabhizinisi bebubukeka buqinile, kanti kubikwa nokuthi umndeni wake wake wabamba umcimbi wesintu iMembeso emzini wabo eFourways.
Enye yezinto ezibekwe obala umehluko weminyaka phakathi kukalosomabhizinisi noLuyanda, okubikwa ukuthi ungaphezu kweminyaka engu-15.
Kuthiwa omakhelwane nabantu abasondelene nalaba bobabili sebeqaphele ukuthi lomlingisi nalosomabhizinisi bachitha isikhathi esiningi bendawonye.
Kanti enye yezinsolo ezisabalele kakhulu zithi uLuyanda angase abe nesifiso sokuthuthela endlini kanokusho kalosomabhizinisi eBryanston.
Lokhu, nokho, kuseyizinsolo futhi akukho siqinisekiso esizimele esiveziwe ngakho.
Abalandeli manje sebebheka le ndaba ngamehlo ahlukile.
Abanye baze bahlekise ngokuthi uLuyanda kungenzeka ukuthi wayengalingisi nje kuphela indawo kaLinda esikrinini kodwa into ayiphilayo leya yokubhidliza imizi yabantu!




















Leave a Reply