UMSAKAZO NEWS NETWORK

Sizikhipha Zishisa!

UCELA UKWESEKWA OZOSUKA EMLAZI NGEZINYAWO ALIBHEKISE E-CAPE TOWN!

Insizwa yaseMlazi isilungiselela ukuthatha uhambo olude nolunzima olungamakhilomitha angu-1 636 ngezinyawo, isuka eMlazi, KwaZulu-Natal, iya eKapa ngenhloso yokukhuthaza izinsizwa ezibhekene nezinkinga ezahlukene empilweni.

UQiniso Mkhize, wase-S Section eMlazi, owaziwa nangokuthi uMiya Marah Palmer, uthi uzoluqala lolu hambo ngoLwesihlanu, mhla ka-11 kuMandulo 2026, ngo-4 ekuseni.

UMkhize uhlela ukuhamba cishe izinsuku ezingu-50, alandele umgwaqo u-N2, adlule ePort Shepstone, Kokstad, Mthatha, East London, Gqeberha naseGeorge ngaphambi kokufika eKapa.

Uthi lolu hambo lugqugquzelwa yisifiso sokunikeza ithemba kubafana abalahlekelwa yithemba ngenxa yezidakamizwa, utshwala, ukucindezeleka ngokomqondo, ukungasebenzi kanye nodlame olubhekiswe kwabobulili obuthile.

UMkhize uthi naye uke wabhekana nezikhathi ezinzima, kodwa wakhetha ukuguqula impilo yakhe.

“Ngakhula ngibona izinsizwa zasemalokishini ziphelelwa yithemba. Izidakamizwa, utshwala, i-GBV, ukudangala nokungasebenzi. Nami ngangiphukile, kodwa uJob 42:2 uthi ayikho inhloso kaNkulunkulu engahluleka. Uma mina ngikwazile ukuguquka, nawe ungakwazi.”

Lo mkhankaso wakhe usebenzisa isiqubulo esithi #Ngisengashintsha, esisho ukuthi umuntu usengakwazi ukushintsha impilo yakhe noma ngabe useke wabhekana nobunzima obungakanani.

UMkhize uthi ugqugquzelwe nanguhambo olwenziwa ngu-Armor Ndlovu.

Ugcizelele ukuthi lolu hambo aluyona imibhikisho, kodwa luhloselwe ukukhuthaza nokuletha ithemba ezinsizweni.

“Lokhu akuwona umbhikisho. Lokhu kwenzelwa abafowethu.”

UMkhize uhlela ukusakaza bukhoma nsuku zonke ngesikhathi esohambweni, ukuze abantu bakwazi ukulandela inqubekela phambili yakhe.

Uthi uhlela nokulala eziteshini zamaphoyisa i-SAPS endleleni, kanti uthi useyazisile i-SAPS yaseMlazi futhi unobufakazi obufungelwe obulungisiwe.

Nokho, lolu hambo olude ludinga ukwesekwa. UMkhize ucela umphakathi namabhizinisi ukuthi bamsize ngezinto azidingayo, okubalwa kuzo amapheya amabili amateki osayizi 8, i-reflector vest, amanzi kanye nolunye usizo.

Abafisa ukumeseka bangamthinta ku-065 254 4649.

Njengoba esezimisele ukushiya eMlazi, uMkhize uthi ufuna lolu hambo lube ngaphezu kokuhamba amakhilomitha angu-1 636.

UMkhize uthi ufuna loluhambo lube umlayezo wethemba kubafana abakholelwa ukuthi impilo yabo ngeke isakwazi ukushintsha.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *