AHLEKA WODWA AMAKHOSI NAMALUNGA EPHALAMENDE URAMAPHOSA EWANYUSELA UMHOLO

UMengameli waseNingizimu Afrika, uCyril Ramaphosa, usegunyaze ukunyuselwa kwamaholo osopolitiki, amajaji, izimantshi kanye nabaholi bendabuko ngamaphesenti aphakathi kuka-3.5 no-4, yize izwe lisabhekene nezinselelo ezinzima kwezomnotho.

Lesi sinqumo simenyezelwe yiHhovisi likaMengameli ngoLwesibili, mhla ziyi-10 kuNovemba 2026, kanti ukunyuswa kwamaholo kuzoqala ukubalwa kusukela mhla lu-1 ku-Ephreli 2026.

Lokhu kusho ukuthi labo abathintekayo bangase bathole nemali yamaholo ebikade ingakhokhiwe kusukela ngo-Ephreli, njengoba lesi sinqumo sesisebenza kusukela ekuqaleni konyaka wezimali ka-2026/27.

Ngokwesitatimende esikhishwe yiHhovisi likaMengameli, uRamaphosa uthathe lesi sinqumo kulandela izincomo zeKhomishini Ezimele Ebhekele Imiholo Yabanezikhundla Zomphakathi, i-Independent Commission for the Remuneration of Public Office-Bearers.

Ongqongqoshe, amasekela ongqongqoshe kanye namalungu ePhalamende bazonyuselwa amaholo ngo-3.5%.

Lokhu kunyuselwa kuzophinde kuthinte ondunankulu bezifundazwe, ongqongqoshe bezifundazwe, amalungu ezishayamthetho zezifundazwe kanye namalungu angunaphakade oMkhandlu Kazwelonke Wezifundazwe (NCOP).

Lokhu kusho ukuthi osopolitiki abasezikhundleni ezahlukene kuhulumeni kazwelonke nowezifundazwe bazohlomula kulokhu kunyuselwa kwamaholo.

Amajaji eNkantolo yoMthethosisekelo, amajaji ezinye izinkantolo kanye nezimantshi wona azonyuselwa amaholo ngo-4%.

Abaholi bendabuko, okubalwa kubo amalungu eNdlu Kazwelonke kanye neziNdlu zeziFundazwe zabaHoli beNdabuko namaKhoi-San, nabo bazothola ukunyuselwa ngo-4%.

Amalungu ezikhungo ezizimele ezisungulwe ngokweSisekelo soMthethosisekelo nawo azonyuselwa amaholo ngezinga elifanayo.

IHhovisi likaMengameli lithe ngaphambi kokuthatha lesi sinqumo, kubhekwe izimo ezahlukene ezithinta umnotho wezwe, okubalwa kuzo ukukhuphuka kwamanani ezimpahla, amandla kahulumeni okukhokha amaholo kanye nokunyuswa kwamaholo eminyakeni edlule.

IKhomishini iphinde yabheka iziphakamiso zezinhlaka ezahlukene, imisebenzi nezibopho zabantu abasezikhundleni zomphakathi kanye nezibikezelo zesimo somnotho.

Ngokusho kweHhovisi likaMengameli, uRamaphosa uphinde wacabangela izinselelo ezinzima zomnotho ezibhekene neNingizimu Afrika ngaphambi kokugunyaza lokhu kunyuselwa.

Yize egunyaze ukunyuselwa kwamaholo, uRamaphosa unxuse bonke abasezikhundleni zomphakathi ukuthi baqhubeke nokwenza umsebenzi wabo ngokuzinikela nangokwethembeka.

UMengameli ubonge iKhomishini ngokucubungulisisa izincomo zayo ngaphambi kokuzethula kuye.

Uphinde wakhumbuza abaholi ukuthi banesibopho sokufeza okulindelwe umphakathi nokuhlonipha ukwethenjwa abakunikwe abantu baseNingizimu Afrika.

Isitatimende seHhovisi likaMengameli asizange sidalule ukuthi ongqongqoshe, amalungu ePhalamende kanye nabanye abaholi sebezohola malini ngamarandi ngemuva kwalokhu kunyuselwa.

Lokhu kunyuselwa kwamaholo kuzosebenza kusukela mhla lu-1 ku-Ephreli 2026, okuyisikhathi okuqale ngaso unyaka wezimali ka-2026/27.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *