“AKUNGASUKELWA AMADODA NGOKUBULAWA KWABESIFAZANE EKEMPTON PARK” :PHAKELUMTHAKATHI

Umbuzo oshisayo usuphonswe etafuleni nguMholi we-Ubunsizwa Nobunsizwa Phakal’umthakathi, uNdabandaba, kulandela izigameko zokubulawa kwabesifazane eKempton Park.

UNdabandaba ubuze ukuthi kungani lezi zigameko sezibizwa ngeGender-Based Violence, i-GBV, ngesikhathi umsolwa noma umbulali engakaziwa nokuthi akukacaci ukuthi ungowabulili buni.

Lo mholi uthe abantu kumele bakwazi ukubuza imibuzo enzima ngaphandle kokuthi bagcine sebexabene.

“Ngicela ukubuza bantu besifazane, ngicela singaxabani,” kubhala uNdabandaba.

Uqhubeke wathi:

“Lezi zehlakalo zaseKempton Park ziyi-GBV kanjani?”

UNdabandaba uthi umbuzo wakhe ugxile ekutheni ubulili balowo osolwa ngokubulala abukaziwa.

“Ngibuziswa ukuthi umbulali asikamazi ukuthi uyibuphi ubulili, kanti futhi kuyenzeka abantu besifazane beyengwe ngabanye abesifazane.”

La mazwi aqhamuke ngesikhathi izwe likhuluma kakhulu ngokubulawa kwabesifazane eKempton Park, lapho kutholwe khona izidumbu zabesifazane eziningana.

Indaba isiqale ukudala inkulumompikiswano enkulu, ikakhulukazi ngenxa yokuthi igama elithi GBV livame ukusetshenziswa uma kukhulunywa ngodlame oluqondiswe kumuntu ngenxa yobulili bakhe.

Nokho, uNdabandaba uthi akafuni ukuthi umbuzo wakhe ube yimbangela yokulwa phakathi kwabantu.

“Singalwi, asixoxe, siqambe amasu okulwa nenkinga. Hhay nabanye abantu ngoba siyadingana,” kusho yena.

Umbuzo usudale umsindo ezinkundleni zokuxhumana, abanye befuna impendulo yokuthi kufanele yini lezi zigameko zibizwe nge-GBV ngaphambi kokuba kuboshwe umsolwa, kanti abanye begcizelela ukuthi ingxoxo ngeGBV ayigcini ngokwazi ukuthi ubani umenzi wobugebengu.

Okwamanje uphenyo lusaqhubeka njengoba iziphathimandla zizama ukuthola ukuthi kwenzekeni nokuthi ngubani obhekene nalezi zigameko.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *