UMZUKULU KAMHLANGANYELWA
Kuvunguze umoya wokungabaza ezinkundleni zokuxhumana ngemuva kokuba oyiHead of Mobilisation we-Umkhonto Wesizwe (MK) Party, uBonginkosi Khanyile, efake umbhalo omfishane kuFacebook othi: “Iyobuye ibonane.”
UKhanyile uphinde wafaka izithombe exhawulana noMengameli weMK Party, uJacob Zuma. Nokho, akazange achaze ukuthi ubebhekise kuphi ngalawo mazwi, okudale ukuqagela okukhulu phakathi kwamalungu nabalandeli beqembu.
Abanye bakuhumushe lokhu njengophawu lokuthi uKhanyile kungenzeka ubevalelisa eqenjini noma usexoshiwe esikhundleni sakhe, yize kungekho simemezelo esisemthethweni esesikhishwe yiMK Party noma uKhanyile uqobo oluqinisekisa lokho.
Esigabeni sokuphawula, abaningi bamphendule ngamagama athi: “Hamba kahle Mfanakithi.”
Lawo magama aduma kakhulu ngonyaka odlule ngesikhathi owayeyiBamba likaKhomishana wamaPhoyisa, uGeneral Nhlanhla Mkhwanazi, exoxa ngendlela ahlukana ngayo noJacob Zuma ngesikhathi eshiya leso sikhundla.
UMkhwanazi wathi ngesikhathi evalelisa, uZuma wamtshela amazwi athi: “Hamba kahle Mfanakithi.”
Kusukela lapho, lawo mazwi asephenduke isisho esisetshenziswa kakhulu ezinkundleni zokuxhumana uma kukhulunywa ngokuhamba noma ukuxoshwa komuntu esikhundleni, noma ngabe lokho akuqinisekisiwe ngokusemthethweni.
Kuze kube manje, uKhanyile akakakhiphi enye incazelo ngombhalo wakhe, kanti neMK Party ayikaphawuli ngalolu daba.













Musa Nhleko
Wonderful news indeed!