“KANTI UMA SITHI HLANGANA ZULU SISUKE SISHONI?” OWE ACTION SA EHLASELA I-SAFA KZN

UZWAKELE Mncwango, ongumholi wesifundazwe we-ActionSA futhi ogaqele isikhundla sobuMeya eThekwini, usephumele obala ngokungenami ngesinqumo esihlobene nokhetho lukamongameli weSAFA.

UMncwango uthi uyaphoxeka ngombono wokuthi abanye iSAFA KwaZulu-Natal bangase basekele uJordan esikhundleni sikaSandile Zungu, naye ongowakwaZulu-Natal.

Uthe akaboni ukuthi kungani abantu bakulesi sifundazwe bengabambisana ekwesekeni umuntu wakubo, ikakhulukazi ngesikhathi esibalulekile kwezepolitiki yebhola laseNingizimu Afrika.

“Nimtshele ubaba Kwenza Ngwenya ukuthi akasamele uKwaZulu-Natal uma behlulwa ukweseka uSandile Zungu. Thina KwaZulu sazi ukuthi siyabambana uma sibheke empini, siyaqala nje lena abayenzayo,” kusho uMncwango.

Uthi angadumala kakhulu uma uZungu engatholi ukwesekwa okulindelekile KwaZulu-Natal.

“Ngiyophoxeka kakhulu uma bevotele Jordan over owakwethu futhi owazi usizi lwaKwaZulu-Natal,” kusho yena.

UMncwango uphinde waphonsa umbuzo oqondile kwi-SAFA KwaZulu-Natal, ebuza ukuthi ngabe isifundazwe asifuni yini ukuba nomongameli weSAFA ovela kuso.

“Kanti masithi hlangana Zulu sisuke sishoni? Ingabe SAFA KZN yona ayifuni kesibe no President from our province?” kubuza uMncwango.

Amazwi akhe afike ngesikhathi lapho ukhetho lobuholi beSAFA lubhekwe ngabomvu, kanti ukwesekwa okuvela ezifundazweni kuzoba yinto ebalulekile ekunqumeni ukuthi ngubani ozohola inhlangano.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *