UMSAKAZO NEWS NETWORK

Sizikhipha Zishisa!

Advertisement

LIDUBE UKUDLA IKHANSELA LE ANC LASE MOLWENI!

UMZUKULU KAMHLANGANYELWA

Ikhansela le-ANC kuWadi 9 eMolweni, , seliveze ukungenami kwalo ngemuva kwalokho elikuchaze njenge customer service embi kakhulu eliyithole esitolo sakwaMcDonald’s eWatercrest, eWaterfall, entshonalanga yeTheku.

USiyabonga Nala ubhale ezinkundleni zokuxhumana ekhala ngokuthi ulinde imizuzu engaphezu kuka-15 kulayini we-drive-thru, kodwa wagcina ehambile engakutholanga ukudla abekuthengile, nakuba esekhokhile.

“McDonald’s, customer service engisanda kuyithola esitolo senu saseWatercrest eWaterfall-Durban isezingeni eliphansi kakhulu. Ngilinde imizuzu engaphezu kuka-15 ku-drive-thru ngagcina sengihamba ngaphandle kokuthola i-oda lami kodwa imali yami yathathwa,” kubhala yena.

UNala uphinde waqhathanisa i-customer service naleyo yesitolo esiqhudelana nabo esiseduze.

“Ingabe yile ndlela amakhasimende aphathwa ngayo uma ekhetha ukuthenga kini kunaseBurger King engaphesheya komgwaqo?” kubuza yena.

Ngesikhathi kushicilelwa le ndaba, uMcDonald’s ubengakaphenduli obala ngezinsolo zekhansela.

Akukacaci futhi ukuthi uNala useyibuyiselwe yini imali yakhe noma cha.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *