UMZUKULU KAMHLANGANYELWA
Usuku lukaMandela lwalo nyaka luvuse inkulumompikiswano enkulu, njengoba abanye abantu baseNingizimu Afrika beveze ukungenami ngesimo somnotho kunokuba bahlanganyele emizuzwini engu-67 yokusiza imiphakathi.
IMandela Day, egujwa njalo mhla ziyi-18 kuNtulikazi, ikhuthaza abantu ukuthi bachithe imizuzu engu-67 besiza abanye ukuhlonipha iminyaka engu-67 uMengameli wangaphambili uNelson Mandela ayichitha esebenzela umphakathi.
Ingqikithi yalo nyaka ibigxile ekulweni nobubha nokungalingani.
Nokho, ezinkundleni zokuxhumana kugcwale amazwi okugxeka, njengoba abanye abantu bebuza ukuthi lolu suku lusabalulekile yini ngesikhathi izwe lisabhekene nokuntuleka kwemisebenzi, ukukhuphuka kwezindleko zokuphila, ukuwohloka kwezinsiza zikahulumeni kanye nobubha obandayo.
Abanye bathi abaholi bakahulumeni basebenzisa iMandela Day ukuzakhela isithombe esihle emphakathini, kunokuba baxazulule izinkinga ezihlupha abantu nsuku zonke.
Kanti abanye basole iminyaka yokuphatha kabi izwe ngokuba yimbangela yesimo esinzima somnotho.
Ingxabano ezinkundleni zokuxhumana iphinde yabona abanye besola abantu bokufika ngokuthi bathatha amathuba emisebenzi ambalwa akhona.
Lokhu kuqhubekile nokuhlukanisa imibono ngosuku obekumele lugqugquzele ubumbano nokuzwelana.
Ngakolunye uhlangothi, uMengameli Cyril Ramaphosa ugubhe iMandela Day ngokwethula iphrojekthi yomthombo wamanzi eHammanskraal, okuhloswe ngayo ukuthuthukisa ukutholakala kwamanzi ahlanzekile.
Abaholi be-ANC nabo bancome uMandela, bembiza ngomholi owaguqula umlando futhi oshiye ifa elisakhuthaza abantu namuhla











Leave a Reply