UMZUKULU KAMHLANGANYELWA
Kuqubuke enye impikiswano ngaphakathi kuMkhonto weSizwe (MK) Party kulandela inkulumo efakwe ezinkundleni zokuxhumana yilungu elasungula iqembu, uDuduzile Zuma-Sambudla.
Embhalweni wakhe awufake ku-X, uZuma-Sambudla uthe iqembu likaMengameli Jacob Zuma libukeka sengathi “lingenelwe kakhulu” ngabantu abangathembekile, abathunywe ukuzobulala iqembu.
Uphinde wafaka ama screenshots emiyalezo okuthiwa ixoxa ngezinsolo zokuthi umuntu obizwa ngoNomvalo ubekade enikeza i-ANC ulwazi lwangaphakathi lweqembu.
UNomvalo owaziwayo kwiMKP uSbonelo Nomvalo onguNobhala waleliqembu.
Le miyalezo iqukethe izinsolo ezingakaqinisekiswa zokuthi uNomvalo ubebikela amalungu e-ANC ngakho konke okwenzalalayo ngaphakathi kwi -MKP.
Omunye umlayezo uthi lolu daba waluveza emasontweni amabili edlule, kwathi omunye waveza ukuthi izinkulumo nabezindaba zenziwa ukuze kubonakale sengathi labo okusolwa ukuthi bayisihlava eqenjini bayayifeza inhloso yabo.
Kuphinde kwavela umlayezo othi indlela okuphila kaNomvalo kulezinsuku kanye nemali ayisebenzisayo sekudale imibuzo kwabanye, kanti kuthiwa amanye amalungu e-ANC nawo ayakuqinisekisa lokhu.
Nokho, ubuqiniso bale miyalezo kanye nezinsolo eziqukethwe kuyo abukaqinisekiswa ngokuzimela. Abukho ubufakazi obethulwe obusekela lezi zinsolo.
Lolu daba luza ngesikhathi iMK Party iqhubeka nokubhekana nezingxabano zangaphakathi kanye nokungaboni ngaso linye phakathi kwamanye amalungu kusukela yasungulwa ngaphambi kokhetho lukazwelonke lwango-2024.
Ngesikhathi kushicilelwa le ndaba, iMK Party ibingakakhiphi isitatimende esisemthethweni mayelana nalezi zinsolo, kanti nabantu okukhulunywa ngabo kule miyalezo bebengakaphenduli emphakathini.













Leave a Reply