UMZUKULU KAMHLANGANYELWA
IKomidi Lokuphenya ngaphansi kweSigaba 89 (Section 89 Enquiry) likhethe uMnu. Makashule Gana njengosihlalo walo.
Leli komidi lihlangane namuhla emhlanganweni walo wokuqala ngenhloso yokukhetha usihlalo. Amalungu amabili aqokiwe kulesi sikhundla kube nguDkt. Lehlohonolo Mahlatsi kanye noMnu. Makashule Gana.
Ngemuva kokuvota kwamalungu ekomidi, uMnu. Gana uthole ukwesekwa amalungu angu-19, kwathi uDkt. Mahlatsi wathola amavoti angu-12.
Lokhu kukhethwa kusho ukuqala ngokusemthethweni komsebenzi wekomidi.
Lelikomidi lizohlalela udaba lukaMongameli uCyril Ramaphosa mayelana nendaba yasepulazini lakhe iPhala Phala.
Njengosihlalo, uMnu. Gana uzohola ikomidi, aqondise ukusebenza kwalo, ahole izingxoxo zalo, futhi aqinisekise ukuthi umsebenzi walo wenziwa ngokuhambisana noMthethosisekelo, iMithetho yePhalamende Likazwelonke, kanye negunya elinikezwe ikomidi ngaphansi kweSigaba 89 soMthethosisekelo.
IKomidi manje selizogxila ekunqumeni uhlelo lwalo lomsebenzi nasekubhekeni izinyathelo ezilandelayo enqubweni yophenyo. Imininingwane ngemihlangano nemisebenzi ezayo izokwaziswa ngesikhathi esifanele.









Leave a Reply