Umholi we-ActionSA KwaZulu-Natal, uZwakele Mncwango, usezwakalise ukungenami ngendlela aziphathe ngayo amakhansela elinye lamaqembu ezepolitiki nabalandeli balo ngesikhathi kwabiwa ukudla emhlanganweni wokuqala woMkhandlu kaMasipala weTheku.
UMncwango uthi uzibonele isimanga ngesikhathi abanye abantu bephaka ukudla kaningi, ekubeni kukhona abebesamile emgqeni bengakakutholi ukudla.
Engosini ayibhale ezinkundleni zokuxhumana, uMncwango uthe akavamile ukukhononda ngezindaba ezithinta ukudla, kodwa indlela okwenzeke ngayo izinto kulo mhlangano imshiye ebambe ongezansi.
“Angiyena umuntu okhulumela ukudla, futhi yikho ngizibambela ulayini makuphakwa ngingajahi. Kodwa bengiqala namuhla ukubona kuphela amapuleti, laphoke ethi ayeza avele athathwe phambi kwethu. Laphoke kukhona asebephaka kaningi bephinda silindile. Uzoba mude lo 5 years, uma kunje,” kubhala uMncwango.
Uveze ukuthi naye ubezithola esengcupheni yokungakutholi ukudla nezintatheli ezimbili, uSihle Mavuso, oyintatheli ezimele eyaziwayo, noTebogo Sibisi, oyintatheli yezindaba yakwa-1KZN TV.
“Cishe sangadla noSihle Mavuso noTebogo Sibisi, angiphathike amadrink kuthiwe nje kade ephelile,” kuqhuba yena.
Lesi sigameko senzeke ngoLwesibili eDurban Exhibition Centre, lapho bekubanjelwe khona umhlangano wokuqala woMkhandlu weTheku kulandela ukhetho lohulumeni basekhaya.
Nakuba uMncwango engalidalulanga igama leqembu akhala ngokuziphatha kwamakhansela nabalandeli balo, amazwi akhe aveza ukuthi akagculisekile ngendlela abebeziphatha ngayo ngosuku lokuqala lwesikhathi esisha sokuphatha uMkhandlu.
Umhlangano uphothulwe ngaphandle kokukhethwa kweMeya, iPhini leMeya kanye noSomlomo, kulandela isinqumo sokuhlehliswa kokhetho lwabaholi boMkhandlu ukuze amaqembu ezepolitiki aqhubeke nezingxoxo zawo.

















Leave a Reply