UMZUKULU KAMHLANGANYELWA
UNdunankulu waseLimpopo, uDkt Phophi Ramathuba, usequbule inkulumompikiswano ngemuva kokuxwayisa abesifazane abasezikhundleni zobuholi ukuthi bangavumeli ubudlelwano babo bezothando, ikakhulukazi nabesilisa abasebancane ababizwa ngama “Ben 10”, buphazamise indlela abenza ngayo umsebenzi kahulumeni.
URamathuba ukhulume lokhu ngoLwesithathu ngesikhathi enikeza ngokusemthethweni umndeni wamawele azalwe exhunywe umzimba indlu entsha eLulekani, ngaphansi kukaMasipala waseBa-Phalaborwa esifundeni saseMopani.
Ekhuluma kulo mcimbi, uthe abesifazane abasezikhundleni eziphezulu bavame ukuba yizisulu zabantu abafuna ukuzuza ngamandla abo nezikhundla zabo.
“Ngifisa sengathi le ndlu ingabhaliswa ngamagama azo zonke izingane hhayi ngegama likamama kuphela,” kusho yena.
Uthe kusukela umuntu wesifazane ethola isikhundla esikhulu, kuba khona amadoda aqala ukumthopha ngenhloso yokuzuza.
“Ngiyazazi thina besifazane ngoba nami ngingowesifazane. Ngelanga ngiqokwa ngaba yiMEC, omunye wabafowethu wangixwayisa. Abantu bazoqala ukukutshela ukuthi umuhle kakhulu,” kusho uRamathuba.
Uqhubeke wathi abanye besilisa basebenzisa amazwi amnandi ukuze bathole indlela yokusondela kwabesifazane abanegunya.
“Cabanga nje ukuthi angikaze ngenze i-plastic surgery kodwa bathi ngingowesifazane omuhle kunabo bonke. Yindlela amadoda azama ngayo ukulawula isabelomali somnyango,” kusho yena.
URamathuba uke wasebenza njengoMEC wezeMpilo eLimpopo kusukela ngo-2015 kuya ku-2024, ngaphambi kokwenza umlando ngokuqokwa kwakhe njengoNdunankulu wokuqala wesifazane kulesi sifundazwe ngoJuni 2024.
Amazwi akhe asesabalale kakhulu ezinkundleni zokuxhumana, lapho abanye bemeseka besho ukuthi uxwayisa abesifazane abasezikhundleni ngobuqili obungase bubhekiswe kubo, kanti abanye bathi inkulumo yakhe izodala impikiswano ngenxa yokuthi ibhekise kakhulu ebudlelwaneni babantu.













Leave a Reply