UMSAKAZO NEWS NETWORK

Sizikhipha Zishisa!

UTHI AKASABI UKUFA OBIZE ISILO NGESITABANE NONYAZI NGESIDAKWA ESIHUQA INSANGU

Sekubhebhetheke umsindo ezinkundleni zokuxhumana ngemuva kokuthi uThabani Hlatshwayo, osedume kakhulu kuTikTok ngokulandela abantu abakweletwayo imali kanye nokusebenzisa inhlamba, ekhulume kabi ngoNyazi lwamaNazaretha nangeSilo samaBandla kaZulu, uMisuzulu kaZwelithini.

UHlatshwayo utshele abantu abamgxekayo ukuthi bangazami ukumesabisa ngokufa, ngoba yena akakusabi ukufa.

Lokhu kulandela inkulumo yakhe lapho egxeka khona uNyazi lwamaNazaretha, walubiza ngesidakwa esihuqa insangu futhi wathi alunandaba nabantu.

“Uyadakwa wena Mdu. Uyisilima nje esihambisa abantu ngezinyawo, kodwa wena ugqoka iSuperga. Uyisihlama wena,” kusho uHlatshwayo.

UHlatshwayo uphinde wakhuluma kabi ngeSilo samaBandla kaZulu, uMisuzulu kaZwelithini, okuthe amazwi akhe ashiya abaningi bethukuthele.

Uthe akaboni ukuthi iSilo sibasiza ngani abantu baso, uthe sihluleka ngisho nokubanika umhlaba, njengoba besagcwele emijondolo.

UHlatshwayo uphinde wabiza iSilo uMisuzulu ngesitabane, waze wathi silala noNgizwe Mchunu.

Amazwi ale nsizwa athukuthelise abantu abaningi, kwaze kwavela umklomelo ka-R50 000 kulowo ongaba nolwazi olungaholela ekutholakaleni kwayo.

Nokho, uHlatshwayo akazange abonakale ethukile.

Ngemuva kokubona umklomelo kanye nemiyalezo yabantu abamsabisa ngokufa, uphendule wathi ngeke bamthole futhi wagcizelela ukuthi yena akakusabi ukufa.

Indaba isaqhubeka nokuba ngundabamlonyeni ezinkundleni zokuxhumana.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *