UMZUKULU KAMHLANGANYELWA
Izakhamuzi nezivakashi zamukele ngezandla ezimhlophe ukulungiswa kabusha kwe-Newcastle Inn okwenziwe yi-African Sky Hotels, zithi ukubukeka okusha kwehhotela kubuyise izinkumbulo zezinsuku zakudalo zalo zobukhazikhazi.
Leli hhotela lenziwe ngcono kakhulu, okuhlanganisa ukulungiswa kabusha kwamagumbi okulala ezivakashi, indawo yokudlela kanye nebar.
Izithombe zale ndawo esilungisiwe zisabalale ezinkundleni zokuxhumana, kwathi abantu abaningi bazwakalisa ukujabula nokulangazelela ukuyovakashela leli hhotela ukuze bazibonele ushintsho olwenziwe.
Amalungu omphakathi ancome lolu tshalomali, aluchaza njengento ezoletha umfutho omusha emkhakheni wezokuvakasha nezokungenisa izihambi eNewcastle.
Abaningi bathe indlela entsha yokwakhiwa nokuhlelwa kwezindawo zangaphakathi ibuyise ubuhle nesithunzi esenza leli hhotela libe ngelinye yezindawo ezaziwa kakhulu kuleli dolobha.
Amagumbi alungisiwe ahlinzeka izivakashi ngokunethezeka okukhulu nesimo sesimanjemanje, kanti indawo yokudlela nebar sekulungiswe ngendlela eyenza izivakashi nabantu bendawo bazizwe bemukelekile.
Esitatimendeni, ihhotela liqinisekise ukuthi selisebenza ngokugcwele futhi selikulungele ukwamukela izivakashi.
“I-Newcastle Inn isisebenza ngo-100%. Wonke amagumbi ethu asesitezi esiphansi avulelwe ukubhukhelwa. Woza uzibonele ngawakho amehlo amagumbi ethu alungiswe kahle!” kusho ihhotela.












Leave a Reply