UMZUKULU KAMHLANGANYELWA
Abalaleli bohlelo lwasekuseni oludumile kuLesedi FM, iThakgoha Breakfast Show, bathola isipiliyoni esiyingqayizivele kuleli sonto njengoba abasakazi balolu hlelo, uSeipati “Twasa” Seoke noNyakallo “Ba2Cada” Leine, besakaza bukhoma besuka eMexico.
Laba basakazi baqale ukusakaza besuka eMexico ngoMsombuluko, mhla ziyi-8 kuNhlangulana, futhi kulindeleke ukuthi baqhubeke kuze kube uLwesihlanu, mhla ziyi-12 kuNhlangulana.
UBa2Cada umemezele lolu hambo ezinkundleni zakhe zokuxhumana, eveza ukuthi usuke eNingizimu Afrika mhla zi-5 kuNhlangulana ukuze ayobuka umdlalo weNingizimu Afrika neMexico kwiNdebe YoMhlaba yeFIFA.
Ubonge uNgqongqoshe Wezemidlalo, Ubuciko Namasiko, uGayton McKenzie, kanye noMnyango Wezemidlalo, Ubuciko Namasiko ngaleli thuba.
Uphinde waveza ukuthi ubeyingxenye yamajaji akhethe abalandeli abayi-16 abanenhlanhla abazohambela lo mqhudelwano.
Kuleli qembu lamajaji bekukhona nabantu abadumile kwezemidlalo okubalwa kubo uRobert Marawa, uAndile Ncube noVino Snap.
UBa2Cada uthe leli yithuba elikhulu empilweni yakhe, njengoba kudala efisa ukuya kwiNdebe YoMhlaba.
Uphinde wahlekisa ngokuhlukana kwezikhathi phakathi kweMexico neNingizimu Afrika, ethi ngesikhathi uhlelo lusakazwa ngo-6 ekuseni eNingizimu Afrika, yena usuke esakaza ngo-10 ebusuku kuya ku-1 ekuseni ngesikhathi saseMexico.












Leave a Reply