UMSAKAZO NEWS NETWORK

Sizikhipha Zishisa!

Advertisement

EAST COAST RADIO ISIMEMEZELE ITHIMBA ELIZOSAKAZA I-COMRADES MARATHON

UMZUKULU KAMHLANGANYELWA

Njengoba izinkulungwane zabagijimi zilungiselela ukubhekana neComrades Marathon edume umhlaba wonke mhla ziyi-14 kuNhlangulana, i-East Coast Radio isimemezele ukusakazwa okubanzi kwalo mjaho ilethela abalaleli bayo yonke imininingwane ngomjaho omkhulu futhi odume kakhulu KwaZulu-Natal.

Lesi siteshi sithe sizobe sikhona kusukela ekuqaleni komjaho ekuseni kakhulu kuze kube sekupheleni, siqopha izindaba, izinselelo kanye nempumelelo eyenza iComrades Marathon ibe ngomunye wemicimbi yezemidlalo ehlonishwa kakhulu eNingizimu Afrika.

Abalaleli bangalindela izibuyekezo ezibukhoma, izingxoxo kanye nokuqukethwe okukhethekile okuvela kubasakazi abahamba phambili besiteshi okubalwa kubo u-Sky Tshabalala, u-Nick Tatham, u-Faheedah Crouch kanye no-Shaina-Rae.

Leli qembu lizoletha imibiko yesikhathi sangempela lisemzileni womjaho, linike abalaleli ithuba lokuzizwela sengathi bakhona lapho kwenzeka khona konke.

I-East Coast Radio ithe ukusakazwa kwayo kuzogxila hhayi kuphela kubagijimi abangochwepheshe abalwela ukunqoba, kodwa nakubagijimi abavamile abakhombisa ukuzimisela, ukubekezela kanye nomoya owenza lo mjaho waziwe ngokuthi yi-“Ultimate Human Race”.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *