UMZUKULU KAMHLANGANYELWA
Uchungechunge olusha lwaseNingizimu Afrika olusakazwa yiNetflix, I-The Polygamist, seluphenduke undabuzekwayo ezinkundleni zokuxhumana, njengoba ababukeli bexwayisa ngokuthi Ungase uvuse amanxeba amadala kulabo asebe bagilwa amadoda ebafebela.
Lolu chungechunge oluqale ukusakazwa kuleli sonto lulandisa ngempilo kaJonasi Gomora, usomabhizinisi ocebile ogcina esebhekene nezinkinga njengoba izimfihlo zakhe, ubudlelwano bakhe obuyinkimbinkimbi kanye nokungathembeki kwakhe kuqala ukuvelela obala.
Le drama ithinta izihloko ezinjengothando, umshado, inkohliso, ukwethembeka kanye nemiphumela yokuphila impilo egcwele izimfihlo.
Nakuba abaningi bencome indlela obhalwe ngayo, ikhono labalingisi kanye nekhwalithi yomkhiqizo, izinkundla zokuxhumana zigcwele imibono yababukeli abathi lolu chungechunge lubavusele imizwa enamandla nezinkumbulo ezibuhlungu.
Abanye abasebenzisi bezinkundla zokuxhumana sebeze baxwayisa, ngendlela yokuhlekisa, ngokuthi abantu asebake bakhohliswa ngabathandana nabo noma labo asebake bathandana nabantu abanomkhuba wokungathembeki bangalubuki lolu chungechunge.
Omunye umsebenzisi ubhale wathi: “Uma wake wathandana nomuntu ongathembekile, ungayibuki i-The Polygamist. Uzophinde uthukuthele futhi.”*
Omunye wengeze wathi: “Bengicabanga ukuthi sengiphilile ngokomqondo kwaze kwaba ngiqala ukubuka i-The Polygamist.”*
Abanye bathi lolu chungechunge lubakhumbuze ubuhlungu obulethwa ukungathembeki ebudlelwaneni, kanti abanye bavumile ukuthi ezinye zezigcawu zibenze bathukuthela futhi bazwela abalingiswa abathintekayo.
Naphezu kwalezi zixwayiso, i-The Polygamist isidonse ababukeli abaningi, kanti abaningi bavumile ukuthi bazithole sebebuka iziqephu eziningi ngesikhathi esisodwa.
Izinkundla zokuxhumana zigcwele izingxoxo ngabalingiswa, izimfihlo, kanye nezinguquko ezingalindelekile ezenzeka endabeni.
Lolu chungechunge lusekelwe encwadini yombhali waseZimbabwe uSue Nyathi futhi lubandakanya abalingisi abadumile okubalwa kubo uSdumo Mtshali noGugu Gumede. Seluvele ludale umsindo omkhulu kubabukeli baseNingizimu Afrika nakwamanye amazwe ase-Afrika.




















Leave a Reply