UMSAKAZO NEWS NETWORK

Sizikhipha Zishisa!

Advertisement

UDJ SGQEMEZA UTHI SOZE AFAKE ISICELO SOMSEBENZI

UMZUKULU KAMHLANGANYELWA

Owayengumsakazi woKhozi FM, uSipho “DJ Sgqemeza” Mbatha, uthi akanaso nhlobo isifiso sokufaka izicelo zomsebenzi kwezinye iziteshi zomsakazo kulandela ukuphela kwenkontileka yakhe kulesi siteshi esihamba phambili eNingizimu Afrika.

USgqemeza udalule lokhu ngesikhathi enengxoxo ekhethekile noSizwe Blose kwi-News Avenue Podcast.

Ephendula umbuzo wokuthi kungani engakaze abonakale efuna amathuba emisebenzi kwezinye iziteshi, uMbatha uthe wathatha isinqumo esinqala ngemva kokushiya uKhozi FM.

“Ngithathe isinqumo sokuthi ngeke ngifake izicelo zomsebenzi emsakazweni. Ngikusho lokhu ngoba abantu bayangazi. Uma kukhona ongifunayo, uzongishayela ucingo,” kusho uMbatha ngokuzethemba.

Kulindeleke ukuthi kule ngosi ekhethekile uDJ Sgqemeza akhulume kabanzi ngezimo ezaholela ekuhambeni kwakhe kuKhozi FM, aphinde aveze ukuthi ikusasa limphatheleni emkhakheni wezokusakaza.

Isiqephu esiphelele se-News Avenue sizosakazwa ngesonto elizayo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *