UMZUKULU KAMHLANGANYELWA
Umsakazi weGagasi FM, uLinda Sibiya, useveze ukuthi uhlelo lwakhe oludumile iSunday Divotion alusagcini ngokuthinta izinhliziyo zabantu baseNingizimu Afrika kuphela, kodwa selufinyelele naseChina.
Evula uhlelo lwakhe namuhla ngeSonto ekuseni, uSibiya udalule ukuthi uthole umlayezo ojabulisayo ovela kuMandla Zulu, ongomunye wabantu baseNingizimu Afrika abahlala eChina.
USibiya uthe uMandla umtshele ukuthi sekukhona iqembu labantu baseNingizimu Afrika abahlala eChina abahlangana njalo ngeSonto ukuze balalele iSunday Divotion ndawonye, bese bekhuleka ndawonye, yize isikhathi saseChina sihluke kakhulu kunesaseNingizimu Afrika.
“Ngifuna ukubonga uMandla Zulu oseChina. Ungitshele ukuthi sekunabantu baseNingizimu Afrika abahlala eChina asebehlangana balalele uhlelo ndawonye, bese bekhuleka ndawonye, noma isikhathi sihlukile,” kusho uSibiya emoyeni.
Lezi zindaba zishiye abalaleli abaningi bemangele, zakhombisa ukuthi umlayezo wohlelo usudlule imingcele yaseNingizimu Afrika ngenxa yokusakazwa kwalo nge-inthanethi.
ULinda Sibiya ujoyine iGagasi FM ngo-Ephreli kulo nyaka, lapho aqala khona ukusakaza uhlelo lwasekuseni phakathi kuka-5 ekuseni no-6 ekuseni phakathi nezinsuku.
Uphinde wethulwa njengomsakazi wohlelo iSunday Divotion olusakazwa njalo ngeSonto kusukela ngo-6 ekuseni kuze kube ngu-9 ekuseni.




















Leave a Reply