UMZUKULU KAMHLANGANYELWA
Umfundi wezindaba odumile kuRISE fm, uZilungile Mnisi, usevalelise ngokusemthethweni kulesi siteshi somsakazo saseMpumalanga ngemuva kokusebenza kuso cishe iminyaka eyishumi.
I-RISE fm imncome njengomuntu obengagcini nje ngokuba yizwi elithembekile lezindaba, kodwa obengumeluleki, kozakwabo nomngani.
Abasebenze naye bathi ubengumuntu ozolile ezimeni ezinzima, ohlale elungele ukusiza nokweseka ozakwabo egumbini lezindaba.
Kuleminyaka yakhe eyi-10 esebenza kulesi siteshi, uMnisi uthole ukuhlonishwa ngabalaleli baseMpumalanga ngenxa yobungcweti bakhe, ukwethembeka nendlela enesizotha abethula ngayo izindaba.
Uphinde wadlala indima enkulu ekukhuliseni nasekuqeqesheni izintatheli eziningi.
Esitatimendeni sokuvalelisa, iRISE fm ithe igalelo likaMnisi lidlule kakhulu ekufundeni izindaba kuphela, yathi ushiya ifa elizohlala likhunjulwa ngenxa yokuzinikela, umusa nokusebenza ngokuzikhandla.
Lesi siteshi simbonge ngazo zonke izindaba azethulile, amahora amaningi awachithe egumbini lezindaba kanye namazwi okukhuthaza awanike ozakwabo.
Njengoba eqala isigaba esisha empilweni yakhe, iRISE fm imfisele okuhle kodwa, yathi uZilungile Mnisi uyohlale eyingxenye yomlando walesi siteshi.




















Leave a Reply